Bafuna ibheyili basolwa kwelikasomabhizinisi

2013-02-08 07:38

Middelburg - Bazofaka isicelo sebheyili abantu abayisikhombisa abasolwa ngokubulala indoda yaseNelspruit, nebingusomabhizinisi, eNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.

UColonel Leonard Hlathi uthe uRonel Botma, 54, Anna Mukwana, 51, Dina Mukwana, 45, Hendrik Chego, 29, Mbuso Khoza, 29, Lucas Letesebe, 34, noDoctor Tlou, 30, bavele enkantolo ngoLwesine.

Kuthiwa abane kulaba baqashwa ukuba babulale uTiziano Ciciltato, 50, nowatholakala egwazwe washona ngoMsombuluko.

Kusolakala ukuthi unkosikazi wakhe uRonel Botma wathumela u-Anna noDina Mukwana ukuba bamfunele izinkabi.

UHlathi uthi kwabe sekuqashwa uChego, Khoza, Letesebe noTlou njengezinkabi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...