Badube umhlangano abeseka uZuma

2012-12-06 10:02

Polokwane - Abalandeli beSekela Mengameli uKgalema Motlanthe, baqale umhlangano wokuqokwa kobuholi ePolokwane eLimpopo ngoLwesine ekuseni, ngemuva kokuthi izimbangi zabo sezidube umhlangano.

Abalandeli bakaMengameli uJacob Zuma badube umhlangano bethi kunomkhonyovu, ngalabo abathunyelwe ukuthi bazovota.

Umhlangano ube nokuphazamiseka ngoLwesithathu, ngesikhathi abaholi ekomidini eliphezulu esifundazweni, bengaboni ngaso linye nabaholi ekomidini kuzwelonke.

Abalandeli bakaZuma baphume ekuseni ngo-06:00, ngaphandle kokuba yingxenye yokuphakanyiswa kwamagama abaholi abayisithupha abazovotelwa enkomfeni enkulu yeqembu eMangaung.

Izithunywa ezingathandanga ukudalulwa zikhalaze zathi ngesikhathi zibhalisela ukuba yinxenye yomhlangano, zibone amagama abantu abangaziwa, abanikwe izimvume zokungena ngaphakathi zibe yingxenye yohlelo lokuvota.

NgoLwesihlanu, umhlangano wahlehliswa ngesikhathi kuqubuka ukungaboni ngasolinye, kukhalwa ngezithunywa ezingaphasisiwe ngokusemthethweni.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili engozini e-KZN

Emizuzwini eyi-28 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-18°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...