Bacele ukugadelwa izingane abazibulele

2012-11-23 10:01

Durban - Wathola i-SMS emfishane ephuma kumfowabo, kodwa kuthe lapho uThabisile Mlabe eyibona, umfowabo wabe eseshonile kanye nonkosikazi wakhe.

Umyalezo omfishane ophuma kuSthembiso Dlamini, 41, oyiphoyisa esiteshini samaphoyisa eTownhill, ubufundeka kanje: “ngicela ungigadele izingane zami”.

UDlamini wathumela lo myalezo ngobusuku adubule ngabo unkosikazi wakhe abengasahlali naye, uPhilisile, ngaphambi kokuba abaleke kwathi ngokuhamba kwesikhathi wazidubula naye.

UMlabe uze wakwazi ukufunda lo myalezo izolo ekuseni.

Umfowabo kaDlamini, okunguThembinkosi utshele i-The Witness ukuthi umndeni awazi ukuthi ngabe yini ebangele umfowabo enze lokhu.

Lezi zithandani beseziqede iminyaka eyisishiyagalombili zishadile kanti besekuphele izinyanga cishe eziyisishiyagalombili zingasahlali ndawonye.

“Ngokwazi kwethu bebesazama ukulungisa izinto phakathi kwabo," kusho uThembinkosi.

Uphinde wachaza umfowabo uDlamini njengomuntu obephasi kakhulu emndenini, engavamile nokuba nodlame.

“Sibuhlungu ngalokhu akwenzile, ngoba kumele ngabe uhlale nathi phansi sibonisane.”

Umalume kaPhilisile, uPaulos Ngcobo wagcina ukubona umshana wakhe ngesikhathi kufihlwa umama wakhe ngenyanga edlule.

UNgcobo uthe zimthusile lezi zindaba, njengoba sebeke bahlala phansi naye uDlamini ukuxoxisana nezinkinga zomndeni.

Bashiye izingane ezimbili zamantombazane ezineminyaka eyisikhombisa neshumi ubudala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 14-28°C Showery. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. PE: 13-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...