Babulawa balaliswa sengathi basocansini
2013-01-17 10:02
Mthatha - Izithandani zase-Eastern Cape, zabulawa zase zilaliswa nqunu sengathi zisocansini, kusho umbiko wamaphoyisa.
Amaphoyisa asebophe indoda ekukholakala ukuthi yiyo ebulale lezi zithandani ngoba igajwe ngumona, kubika iSowetan.
Umsolwa ubeyisigelekeqe esaziwayo esifunwayo ngamaphoyisa, nekuthiwa sihlobene nezehlakalo eziningi zokubulawa kwabantu emadolobheni ase-Eastern Cape.
Kuthiwa lona sewake wabulala intombi yakhe.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mduduzi Godlwana, uthi lokhu kubulala kwenzeke ngemuva kokuthi umsolwa eqe enkantolo, lona waboshwa ngonyaka owedlule.
“Uzobuyela enkantolo maduzane, esebhekene necala elisha lokubulala. Ubefunwa kakhulu ngamaphoyisa,” kusho uGodlwana.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24