Baboshiwe abaqola umshwalense eThekwini

2012-04-24 10:03

Durban - Odokotela ababili baseThekwini sebeboshiwe mayelana namacala ahlobene nenkohlakalo engafika ku-R3.5 million yokubhaliswa kwezifo ezingekho, kubika iThe Mercury.

Odokotela u-Anez Awath-Behari nobengumyeni wakhe uMahendra Pramchand baboshwe ngoMsombuluko.

Bobabili abasolwa bavele ngaphambi kweNkantolo yamaCala eMali badedelwa ngebheyili ka-R60 000 umuntu ngamunye.

UBehari noPramchand kuthiwa bebegila lo mkhuba ikakhulu besebenza neziguli mbumbulu ezingamaphoyisa.

Laba bebeqola umshwalese wenkampani yakwaBonitas ebikhokhela abantu abangaguli.

Ubufakazi buthi iziguli lezi zazingalaliswa esibhedlela kunjalo zazingatholi ngisho ukwelashwa.

Umkhuba lona wenzeke kusukela ngonyaka ka-2007 kuya ku-2008.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

2014-12-22 18:06
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-28°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 20-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...