Baboshelwe ukweba amakhebula
2012-05-30 16:34
Johannesburg - Amadoda amathathu kanye nowesifazane oyedwa baboshiwe ngemuva kokutholakala namakhebuli ebiwe esikhungweni iTimbavati Trust e-Acornhoek, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
"Amphoyisa alunywe indlebe ase ephuthuma abasolwa, owesifazane kuthiwa wenza amabhodwe nge-aluminium eyebiwe," kusho uLieutenant Colonel Leonard Hlathi.
Amakhebuli ebiwe angadla isamba esingu-R135 000.
Amadoda aboshiwe aseminyakeni ephakathi kuka-23 no-31 ubudala kanti owesifazane uneminyaka engu-46 ubudala.
Bonke bazovela eNkantolo yeMantshi e-Acornhoek ngoLwesine.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).