Baboshelwe izidakamizwa e-Eldorado Park

2013-01-24 12:03

Johannesburg - Kuboshwe abantu abayisikhombisa abasolwa ngokuba seqenjini elingongqondongqondo kwezokushushumbiswa kwezidakamizwa e-Eldorado Park, ngaphandle kwaseSoweto.

"Sekuphele isikhathi esilinganiselwa ezinyangeni eziyisishiyagalolunye sibalandela. Uphenyo lwaqala ngemuva kwesikhalo samalungu omphakathi, laba bebeshushumbisa iCAT (methcathinone), tik (methamphetamine) kanye ne-cocaine," kusho okhulumela oKlebe uCaptain Paul Ramaloko.

URamaloko uthi abantu ababoshiwe baseminyakeni ephakathi kuka-21 no-70 ubudala, bonke bashaqwe emakhaya abo.

Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa abahlanu, ekuthiwa bathengisa izidakamizwa eSoweto nase-Eldorado Park.

URamaloko uthi uphiko loKlebe seluvale "amafemu" ekuhlanganiswa kuwo izidakamizwa kwaboshwa nabanye abantu abaningi, abasolwa laba bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoMsombuluko.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 6-16°C More sun than clouds. Cool. Bloem: 4-18°C High level clouds. Mild.
Dbn: 12-20°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...