Baboleka ngisho eyokuthenga ukudla abakuleli

2012-10-24 16:16

Johannesburg - Abantu baseNingizimu Afrika bahlale beboleka imali, ngisho eyokuthenga ukudla nokugibela, kusho umbiko owethulwe emhlanganweni ebekudingidwa kuwo ngezimali nezikweletu zabantu bakuleli.

"Akusikho nje ukuthi baboleka imali yokuthenga izimoto noma imizi, abantu baboleka imali yokuthenga ukudla abazokudla. Yingakho nje kunokwenyukwa kwezibalo zabantu abanezikweletu, bazama ukuphila," kusho inhloko yoMnyango wezezimali e-University of South Africa, uBernadene de Clercq.

"Kunyuke amanani kaphethiloli nogesi. Izidingo zabantu ziningi ekubeni ingekho imali ebangenelayo," echaza.

UDe Clercq utshele abantu abahambele umhlangano eMidrand wathi abathengi baseNingizimu Afrika baboleka izimali ngoba benzela ukubeka ukudla etafuleni.

Uthe ngesikhathi abantu benza izikweletu eminyakeni emibili edlule, babengazi ukuthi isimo sizoshuba kubize ugesi nophethiloli, uthi njengamanje sekungumqansa ukukhokha zonke izikweletu, abanye bahlulwa ngisho wukukhokhela abantwana esikoleni.

"Kumele kufundiswe abantu ngokunakekela izimali zabo," kusho uDe Clercq.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone owesilisa engozini eGoli

Emizuzwini eyi-6 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Afternoon clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...