Babizwa ngezigebengu nababulali abavukuzi

2012-11-22 14:02

Rustenburg - Abaphathi bemayini iLonmin babengafuni ukuxoxisana nabasebenzi ababetelekile ngoba bethi "bayizigebengu futhi bangababulali", kutshelwe ikhomishana kaFarlam eRustenburg ngoLwesine

Lobu bekungubufakazi kubaMfundisi uJohannes Seoka, ongumbhishobhi webandla lamaSheshi ePitoli, bufundelwe ikhomishana bufundwa ummeli weLonmin, uSchalk Burger.

Ngelanga langomhlaka-16 Agasti kwadutshulwa kwabulawa abavukuzi abangu-34 kwalimala abangu-78 ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuhlakaza abavukuzi ababetelekile, ababesentabeni eseduzane nemayini.

Ngosonto elalandulela lelo, abantu abangu-10, kuhlanganisa amaphoyisa amabili kanye nonogada ababili, babulawa ngesikhathi kuqhubeka udlame eLonmin Platinum Mine eMarikana.

Umbhishobhi wayeyingxenye yabaholi bezenkolo ababamba izingxoxo zokuxazulula phakathi kwabasebenzi nabaphathi bemayini.

USeoka utshele ikhomishana ngoLwesine ukuthi ngesikhathi yena edlulisa isicelo ayesithunywe abavukuzi kubaphathi sokuba beze bazoxoxisana, baphendula ngokuthi abameli beLonmin abanandaba nalutho.

"Ngesikhathi ngikhuluma nabavukuzi abakhombisanga ukudinwa kanti ngakolunye uhlangothi ababemele imayini engaxoxisana nabo babegcwele ukudinwa besebenzisa namagama amabi," kusho uSeoka.

"Inhloso yokungenelela kwami kwakungukutshela abeLonmin, 'ukuthi abavukuzi bakulungele ukulalela'. Bacela umqashi ukuba eze azokhuluma nabo," kusho yena.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyavela ugogo osolwa ngokufa kwengane

Emizuzwini eyi-6 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...