Babhuqwa yindlala eKapa - Umbiko

2013-01-23 10:03

Cape Town - Umbiko wakamuva usuveze ukuthi abantu abane kwabayishumi abahlala edolobheni laseKapa, balala bengadlile, okungenani kanye ngesonto.

Iphephandaba iCape Times libike ukuthi kubantu abahlala eKhayelitsha nasePhilippi, mhlampe lilodwa ikhaya elingasokoli ngokudla, kuthi e-Ocean View, ibe mithathu imindeni engaxakekile kangako.

Ucwaningo lwenziwe ngabase-University of Cape Town, esikhungweni i-African Food Security Urban Network, esikhulume nemindeni elinganiselwa ku-1 060.

Abacwaningi bathi imindeni eswele, inenkinga ngisho yokuthenga ugesi kuze kuzophekwa, ayinawo ama-friji, ixakwe yimali yokugibela nezinye izintwana eziyizidingo.

Abantu abaphila kangconywana, kuthiwa bazisiza ngokuthi bathenge kakhulu, bengahlale bevakashela ezitolo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ubuyele esibhedlela uTutu

2015-07-29 09:53
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-13°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 9-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...