Babhikishele isikole eKhayelitsha
2013-01-25 16:17
Cape Town - Izakhamuzi zaseKhayelitsha, eKapa, sezicele izikhulu zedolobha ukuthi zizakhele isikole esisha esizoba selokishini, kulandela ukuthi abantwana abaningi bengazitholanga izikhala ezikoleni.
Balinganiselwa ku-400 abantwana ekuthiwa bashoda ngezikole, kubika abezindaba ze-EWN.
Phezu kokuthi uNgqongqohse woMnyango wezeMfundo uDonald Grant, ethe abantwana abayiswe kwezinye izikole, ababhikishi bathi bafuna isikole esisendaweni yabo.
UGrant uthi ukholwa wukuthi umbhikisho wabahlali unenhlese yezombusazwe, uthi kunezikole ezinezikhala ezingenela abafundi abangu-600.
“Kuyadabukisa ukuthi kunabazali abakhiphe izingane ezikoleni, benza sengathi azifundi, ngoba befuna zibhikishe. Kuyamangaza ukuthi kukhona abantu abaphazamisa imfundo yabantwana babo."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24