Babhekwe ngelokhozi abasebenzi basemapulazini

2013-01-10 11:01

Cape Town - Amaphoyisa aseWestern Cape asasiqaphe ngelokhosi isimo kanti neminye imigwaqo isavaliwe njengoba abasebenzi basemapulazini besaqhubeka nesiteleka samaholo.

Ekuseni ngoLwesine kutholane phezulu amaphoyisa nababhikishi eGrabouw ngaphambi kokuba amaphoyisa aphose isiqhumane esivala amadlebe, kubika intatheli yeNCA ku-Twitter.

Ababhikishi babonakale beyigxoba kulendawo, ekuseni.

NgoLwesithathu, ababhikishi eDe Doorns bashaye intatheli yeCape Times bashisa nemoto yayo.

Ingxenye yomgwaqo u-N1 ngasedolobheni ivaliwe kulandela ukutholana phezulu kwamaphoyisa nababhikishi.

ULieutenant-Colonel André Traut uthe babalelwa ku-50 abantu ababoshiwe eWestern Cape ngoLwesithathu, ngamacala ahlobene nokudala udlame emphakathini.

Isiteleka siyingxenye entsha lapho abasebenzi befuna khona ukuhola u-R150 ngelanga, omunye umbhikishi uzwakale ethi akukho okunye angakwenza ngaphandle ngokubhikisha, ngoba akakwazi ukuphila ngo-R60 ngelanga.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...