Babevutha bengabaselwe abavukuzi kolwaseMarikana

2012-11-08 14:02

Rustenburg - Usisi olukhalisa unyembezi olwasetshenziswa amaphoyisa kubabhikishi baseLonmin alusizanga ngalutho njengoba abavukuzi baqhubeka nokumasha, kulalele ikhomishana yophenyo ngoLwesine.

"NgoMsombuluko, Agasti 13, sazama ukubahlakaza ngosisi olukhalisa unyembezi njengoba nizibonela ku-video, kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya njengona ababhikishi baqhubeka nokumasha," kusho uLieutenant Colonel Victor Visser etshela ikhomishana eRustenburg.

Ubekhuluma ngokwenzeka nokwaholela ekudutshulweni kwabavukuzi ngo-Agasti 16 nokwashiya abavukuzi abangu-34 beshonile.

Le khomishana, eholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi u-Ian Farlam, ilalele izimvo zomphakathi, njengengxenye yophenyo ngesibhicongo saseMarikana.

UVisser uthi abavukuzi bakwazi ukuhlula amaphoyisa amabili, bawagenca ngoncelemba bawabulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-17°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-27°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...