Babeshaywa abavuma elokubulala - Ummeli

2013-03-05 14:04

Klerksdorp - Ayehlukunyezwa ngamaphoyisa amadoda amabili avuma ukuthi ayathinteka esehlakalweni sokubulawa kwelungu le-African National Congress eNorth West, u-Obuti Chika, kusho ubufakazi eNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp.

Ummeli kaJeffrey Letuka, uMoses Jones Botman, uthi umsolwa washaywa ngamaphoyisa, waphoqeka ukuthi avume icala.

"Ukuthi azikho izibazi ezibonakalayo akusho ukuthi akashaywanga," kusho ubufakazi bukaBotman.

UMbuso utshele inkantolo wathi uLetuka noSihlangu Sekhakhane bazivumela ukuthi bayathinteka kulokhu kubulala.

Bobabili abasolwa bayaliphika leli cala, bathi bashaywa ngamaphoyisa baze bevuma icala.

Abasolwa babhekene necala bekanye noSihlalo we-African National Congress Youth League uPapiki Baboile, uNobhala ewadini uPaul Molomonyane, ikhansela u-Itumeleng Molebatsi, osebenza kumasipala wendawo uWilliam Malefo, umshayeli wetekisi uKgotso Kali kanye noNgqongqoshe woMnyango wezoHulumeni baseKhaya uChina Dodovu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...