Babehamba nqunu abavukuzi bechelwa yinyanga
2012-11-08 16:22
Rustenburg - Abavukuzi abanqunu babonakala beshaya ujenga belindele ukuchelwa ngomuthi ababekholwa ukuthi uzobenza bengabonakali, kusho ubufakazi bephoyisa ngaphambi kweKhomishana ka Farlam, ezama ukuthola lokho okwaholela ekubulaweni kwabavukuzi abangu-34 basemayini iLonmin.
"Ngo-15:23 kwabikwa ukuthi abavukuzi sebelethe inyanga eyabe izobaqinisa kuze bezokwazi ukunqoba izitha zabo,” kusho ubufakazi bukaLieutenant Colonel Victor Visser.
"Amadoda ahlangana egqumeni lentaba ephethe izikhali ezihlanganisa imikhonto nezagila nezizenze. Babekholwa wukuthi uma inyanga isibachelile angeke babonakale uma sebebamba impi, futhi babekholwa wukuthi umuthi uzobenza babe namandla.”
UVisser wethule lobu bufakazi eveza nezithombe ezingubufakazi.
"Konke lokhu kwakwenzeka amaphoyisa ebhekile, abavukuzi bachelwa ngokuthile, baqala bagqoka ngesikhathi bebona kusondela amaphoyisa,” kusho uVisser.
"Kubonakala ngokucacile omunye wabavukuzi echama ebhekise ngasemaphoyiseni.”
Kuyaqhubeka ukulalelwa kwekhomishana.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).