Babanjwe oqotsheni begqekeza ibhange

2013-02-08 16:24

Johannesburg - Amadoda amathathu azolala ebalilwe, kulandela ukubanjwa ezama ukugqekeza ibhange eLydenburg, ngezithuba zasekuseni ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.

Amaphoyisa atheleke ebhange ngemuva kombiko we-alamu, abe esebamba oqotsheni la madoda.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Manie van Zyl uthi abanye abasolwa abathathu abakade belinde ezimotweni, bakwazile ukubaleka.

Abasolwa babanjwe nemishini esetshenziswa uma kwakhiwa, imishini ihlanganisa iGrinder, iDriller, iGenerator kanye nesibhamu esiyi-9mm.

Ngokuhamba kwesikhathi kutholakale imoto eyiveni iTata, nebikade ihamba abasolwa, ishiywe kanjalo eKellysville ngaphandle kwaseLydenburg.

Abasolwa bazovela ngaphambi kweNkantoolo yeMantshi yaseLydenburg, ngoMsombuluko.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-26°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...