Babanjwe beyozingela obhejane
2013-02-20 14:02
Johannesburg - Abantu abahlanu baboshiwe ePhalaborwa, ngezinsolo ezithi bebesendleleni eya esiqiwini iKruger National Park beyozingela obhejane, kusho amaphoyisa aseLimpopo, ngoLwesithathu.
Ngokusho kukaBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthi abasolwa balale esitokisini ngoLwesibili, uthi amaphoyisa azithele kubo bezama ukungena esiqiwini, besebenzisa isango langasePhalaborwa.
"Amaphoyisa abeqaphile kusukela ngabo-19:00, kubonakale abasolwa bepaka ngasenxanxatheleni yezitolo base belandelwa. Laba babanjwe nezikhali ezihlanganisa ne-rifle, izinhlamvu, ummese omkhulu kanye nembazo," kuchaza uMulaudzi.
Abasolwa abathathu ngabaseGiyani kanti ababili ngabaseMozambique, bonke kulindeleke bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePhalaborwa ngoLwesine.
UMulaudzi uthi abasolwa bazobhekana namacala okutholakala nezikhali baphinde babhekane necala ngaphansi kweNational
Environmental Biodiversity Act.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA