Babanga isidumbu abafelokazi

2012-09-21 10:05

Pretoria - Sebefakane eNkantolo eNkulu eGauteng abafelokazi abathathu bakaNjokweni Norman Hlatshwayo waseBenoni, abathi bonke bafuna ukumgcwaba ngokwabo, kubika iPretoria News.

UHlatshwayo washonela esibhedlela eBenoni mhlaka-5 Septhemba.

Omunye wamakhosikazi u-Ouma Molepo nguye ohambise amaphepha enkantolo, uthe abasemakhazani bamtshele ukuthi isidumbu sishiywe egameni lomunye wamakhosikazi uNobomi Hlatshwayo.

UMolepo nonkosikazi wesithathu bathi bafuna inkantolo imise umnakwabo ekuqhubeni umngcwabo eyedwa, uthi inhloso yabo ukungcwaba umyeni wabo njengokwesifiso sakhe.

Unkosikazi wesine uthi yena akayingeni, uthi alukho uhlangothi ahambisana nalo.

Yonke le mishado ingeyesiko, akekho kumakhosikazi onencwadi yomshado.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...