Azomiswa emsebenzini amaphoyisa omgwaqo ePMB

2012-11-27 12:02

Durban - UMasipala uMsunduzi uthi azothathelwa izinyathelo zomthetho amaphoyisa abengene esitelekeni angaziphendulile izincwadi eziwazisa ngokumiswa emsebenzini, kubika iNewswatch.

Amaphoyisa abalelwa ku-300 angene esitelekeni emasontweni amabili edlule, kanti umasipala uthi uzoqala ukumisa labo abathintekayo emsebenzini.

Isikhulu senkantolo sanikeza lawo maphoyisa ayetelekile izincwadi eziwazisa ngokumiswa emsebenzini ngesonto eledlule, ngemuva kokuthi umasipala wathola incwadi yenkantolo enxenxa amaphoyisa ukuba abuyele emsebenzini.

Amaphoyisa anikezwa izinsuku ezimbili ukuba aphendule.

La maphoyisa, phakathi kwezinye izinto, akhala ngokuthi izimoto zoMbuso zisesimweni esingagculisi.

Okhulumela umasipala uBrian Zuma uthe luzoqhubeka kungekudala uhlelo lwangaphakathi lokuqondisa izigwegwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...