Azobhekana nejele amahlongandlebe - ANC
2012-11-20 12:06
Johannesburg - Amalungu e-ANC aziphathisa okwezigebengu ngesikhathi kunemihlangano afanelwe ukuboshwa agcinwe ejele, kusho iqembu ngoLwesibili.
"Sinethimba elinamalungu cishe angu-18 eNEC elibhekene nabangaziphethe kahle njengoba kuqhubeka ukuphakanyisa kwamagama abangase bahole i-ANC," kusho isikhulumi seqembu uJackson Mthembu.
"Uma kudingeka babaqondise izigwegwe bazokwenzenjalo ngendlela efanele. Uma kudingeka babize amaphoyisa, bazophinde benzenjalo futhi."
UMthembu ubephawula ngombiko weThe Star wangoLwesibili othi ilungu eliqavile le-ANC lisolwa ngokusabisa ngokudubula ozakwabo egatsheni laseGauteng kulandela ukungavumelani ngesikhathi kuqhubeka ukuphakanyiswa kwamagama.
Igatsha lalinengqungquthela yokuphakamisa amagama ngaphambi kwengqungquthela yesifundazwe, nekazwelonke yeqembu ezoba seMangaung ngoDisemba.
UMthembu uthe uyazi ngalesi sigameko.
"Asihambisani nezenzo ezinjena. Uma ilungu lenza into enjalo, kumele lifakwe ejele."
NgoMsombuluko uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthe ithimba le-NEC limatasa liphezulu kwezikhalazo ngenhloso yokuzixazulula."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA