Azisekho izinkinga eGauteng - Mokonyane
2012-11-30 16:50
Johannesburg - Uhulumeni waseGauteng usukwazile ukubhekana nezinkinga ohlangabezane nazo ngonyaka ka-2012, wase udlula kuzo, kusho uNdunankulu wesufundazwe uNomvula Mokonyane, ngoLwesihlanu.
"Uma sibheka emuva siyajabula uma sibona ukuthi sisuka kuphi, besikade sibhekene naziphi izingqinamba. Ezinye zazo bezinkulu zingalinganisa nenkinga kaDavide ebhekene noGoliyathi," kusho uMokonyae embikweni wakhe awethule ngaphambi kweSishayamthetho.
Undunankulu uthe isifundazwe sisebenze kangcono kakhulu, ekuhanjisweni kwentuthuko kubantu.
"Singena ehhovisi ngonyaka ka-2009, sazitshela ukuthi sizoguqula izimpilo zabantu baseGauteng. Namanje lisakhona lelo lukuluku," esho.
UMokonyane uthi uhulumeni uphumelela ngokuqonda ukuthi abhekane kanjani nezinkinga anazo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).