'Azingaqhathaniswa izikole zoMbuso nezizimele'

2012-12-04 10:05

Cape Town - UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga ukuvumile ukuthi izikole ezizimele azisoze zaqhathaniswa nezikahulumeni, ngokusho kombiko weCape Times ngoLwesibili.

Ekhuluma ngemuva kokudedelwa kwemiphumela ye-annual national assessment ngoMsombuluko, uMotshekga uthe izikole zikahulumeni zigcwala ngokweqile kanti futhi zisilele emuva nangezinsiza zokufunda nokufundisa.

"Ngeke waqhathanisa ubhanana nama-aphula, kanjalo iRolls Royce neToyota," esho etshela leli phephandaba.

I-annual national assessment uhlelo lokuhlola izingane zika-grade 1 kuya ku-6 kanjalo no-grade 9 kwezolimo nesezibalweni.

Bangaphezu kuka-7 million abafundi ababhale lokhu kuhlolwa ngoSepthemba, nokuveze ukuthi liphansi kakhulu izinga lokukwazi ukufunda kwabafundi, kanti kumnyama kakhulu ngakuMaths.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...