Azikafiki izincwadi kwezinye izikole eLimpopo

2012-08-17 14:12
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Inhlangano yamalungelo abantu iSection 27 isiyichithe njengamanga imibiko yoMnyango wezeMfundo yokuthi sekuyaphuthulwa ukusatshalaliswa kwezincwadi zesikole eLimpopo.

"Okhulumela uMnyango uPanyaza Lesufi uthe konke "kusemgqeni" eLimpopo. Asicabangi ukuthi lokhu kuyiqiniso," kusho okhulumela le nhlangano uMark Heywood esitatimendeni.

ISection27 ithi isathola imibiko ezikoleni zaseLimpopo ezithi azikazitholi namanje izincwadi.

UHeywood uthe othisha bayasaba ukukhuluma ngodaba lwezincwadi ngenxa yokuthi basatshiswa ngokuthi bazolahlekelwa umsebenzi.

Uthisha ongathandanga ukudalulwa igama ubhalele le nhlangano i-email wfundeka kanje: "Ungqongqoshe wezemfundo weza esifundeni sethu wasisabisa ngokuthi singakhulumi namuntu ngokushoda kwezincwadi uma singathandi ukulahlekelwa yimisebenzi."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...