Ayobuye inconywe phela i-ANC - SAIRR

2012-09-11 13:16
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kumele i-African National Congress ibongwe ngokwenza ngcono izindawo zokuhlaba abantu abamnyama abadla imbuya ngothi, kusho iSA Institute of Race Relations (SAIRR) ngoLwesibili.

"I-ANC ingagxekwa isolwe ngezinto eziningi, kodwa izibalo esizikhiphile zikhombisa ngokusobala ukuthi i-ANC kanye nohulumeni oholwa iyona ifanele ukuba ituswe ngokwenza ngcono isimo abantu baseNingizimu Afrika abahluphekayo abaphila ngaphansi kwaso," kusho oyiphini lesikhulu esiphezulu se-SAIRR, uFrans Cronje esitatimendeni.

Uyavumelana namazwi kaMengameli uJacob Zuma okuthi iNingizimu Afrika yenza kahle kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe ase-Afrika ngokulethwa kwezidingo kubantu.

UZuma ubekhuluma engqungqutheleni yeSA Local Government Association's (Salga) eMidrand ngoMsombuluko.

UCronje uthe: " Yinganekwane ukuthi iNingizimu Afrika iyahlulela ukuthumela izidingo kubantu; ngoba ucwaningo esilukhiphayo iminyaka ngeminyaka lukhombisa ukuthi akunjalo."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulimale 17 engozini yeloli e-KZN

Emizuzwini eyi-35 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-26°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C More sun than clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 9-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...