Ayisoze yashabalala i-ANC - Zuma
2012-12-12 08:15
Johannesburg - I-ANC izobuya eMangaung iyimbumba kakhulu kunakuqala yize kunokuqagula kokuthi kuzophela ngeqembu, kusho uMengameli Jacob Zuma.
“Akukusha lokhu kuqagela kokuthi ngelinye ilanga i-ANC iyoshabalala njengoba kwake kwenzeka ngeminyaka yawo-1940, 1960 nango-1970," esho.
“Isitha sihlezi njalo sidukisa, kodwa ekugcineni kuba yiqembu elithandwa ngabantu eliphumelelayo," eqhuba.
“Abazi abantu ukuthi i-ANC iyiPhalamende labantu, iyoqhubeka nokusebenza uma abantu besayifuna."
UZuma ubekhuluma kanje kumaKing Hintsa Bravery Awards eWillowvale, e-Eastern Cape.
Uthe uzizwa ehloniphekile ngokuthola indondo.
UZuma uthe ingqungquthela yokuqokwa kobuholi kuhloswe ngayo ukuvuselela imigomo yeqembu, kanti iyikhambi elidingekayo kule nhlangano.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA