Ayiphenywe iNew Age - DA

2013-01-30 16:48

Parliament - IDemocratic Alliance ifuna kujutshwe ikhomishana ezophenya ngomnikelo owenzelwa iphephandaba iNew Age, kusho umholi weqembu uHelen Zille, ngoLwesithathu.

"Sengibhalele uMengameli uJacob Zuma ngacela ukuthi ajube ikhomishana ezophenya, bese iholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi. Kumele kuphenywe ngokunikelelwa kweNew Age," kusho uZille etshela abezindaba ePhalamende.

UZille uthi iphephandaba lixhaswa ngezimali zabakhokhi bentela, uthi u-77% wezikhangiso uphuma kuhulumeni kazwelonke nasezifundazweni.

UZille ufanise leli phephandaba neThe Citizen, athi yayixhaswa ngezimali zabakhokhi bentela.

"Bonke ubufakazi bukhomba into efanayo: I-African National Congress isebenzisa izimali zabakhokhi bentela ngendlela engafanele, inikelela iphephandaba elicheme nohulumeni."

UZille uke waxaba naleli phephandaba ngemuva kokuthi enqabe ukukhuluma esidlweni salo sasekuseni, ethi umcimbi ukhokhelwe ngezimali zabakhokhi bentela.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 8-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...