Ayiphelile eye-etolling
2013-01-09 11:03
Johannesburg - Abe-Opposition to Urban Tolling Alliance sebehambise amaphepha ngaphambi kweNkantolo eNkulu ePitoli, ngenhloso yokuzama ukuvimba uhlelo lwe-etolling.
Usihlalo we-Outa uMusa Strachan, uthi amaphepha ahanjiswe ngoLwesibili.
"Siyi-Outa sikholwa wukuthi angeke kwaba kuhle ukuthi sivumele isinqumo sokuthi kuqhubeke uhlelo lwe-etolling, singaluphikisi.”
UStrachan uthi uMthethosisekelo ngaphansi kukaSection 27 of the Sanral Act, uthi kumele abakwaSA National Roads Agency Limited (Sanral), banike amalungu omphakathi isikhathi esanele uma kwenziwa izinguquko.
Isikhalazo se-Outa siza ngemuva kwesinqumo samhlaka-13 Disemba, esakhishwa yiNkantolo eNkulu ePitoli, ichitha i-Outa ekuzameni ukuvimba lolu hlelo.
"Uma kukhulunywa nomphakathi kumele utshelwe konke ngohlelo. Siyi-Outa siyakhalaza ngesikhathi esincane esanikwa amalungu omphakathi ukuthi azilungiselele nokwaziswa kwawo ngohlelo lonkana.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).