Ayingalungiswa iNkandla - Mazibuko

2012-10-01 16:40
Yabelani Shicilela

Cape Town - UMengameli uJacob Zuma kumele akumise ukulungiswa kwendawo yaseNkandla, okuyindawo azalelwa kuyo, bese esebenzisa imali ukulungisa ezinye izinto ezonakele emiphakathini eseduse, kusho uMholi weDemocratic Alliance ePhalamende uLindiwe Mazibuko.

"Sengicele uMengameli uZuma ukuthi  enze into efanele. Akulungile ukuthi aze alinde ukuzwa ngomvikeli womphakathi ukuthi amise uhlelo lolu," kusho uMazibuko ngesikhathi ekhuluma e-University of the Western Cape.

"Angakumisa ukulungiswa kwale ndawo, imali lena isetshenziswe ukulungisela imiphakathi engomakhelwane, kwakhiwe amathuba omsebenzi kanjalo nezingqalasizinda."

NgeSonto iDA icele uMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela ukuthi aphenye ngemali engu-R203 million ekuthiwa izosetshenziswa ukulungisa indawo yaseNkandla.

UMazibuko uthe lokhu akwamukelekile njengoba isifundazwe iKwaZulu-Natal idinga imitholampilo, izibhedlela kuphinde kulungiswe izikole.

Uthe imali lena ingasetshenziswa ukwakha izindlu zomxhaso ezingu-3692.

"UMengameli uZuma usengakwazi ukuxolisa bese emisa ukwakhiwa kwalobu bukhazikhazi obuhlongozwayo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...