Ayimile impi ngobhejane - Ezemvelo
2012-11-12 16:33
Durban - Isikhulu sezokuphepha kwa-Ezemvelo KZN Wildlife uJabulani Ngubane uthi bazoguqula amatafula ngodaba lokuzingelwa nokubulawa kobhejane, kubika iNewswatch.
UNgubane uthi sebebophe abasolwa abambalwa esikhathi esingamasonto edlule, beboshelwa amacala ahlobene nokuzingelwa kobhejane.
Abanye babasolwa baboshwe eMkuze Game Reserve, bayisihlanu abasolwa ababoshiwe kwatholakala nezibhamu ezingama-rifle ezintathu.
Babalelwa ku-528 obhejane asebezingeliwe kusukela kuqale unyaka, abangu-58 bazingelwa eKZN, bangu-30 sebebonke abasolwa ababoshiwe.
UNgubane uthe ukuboshwa komlisa odabuka eThailand, nogwetshwe iminyaka engu-40, kubanike ithemba nesibindi sokuqhubeka nomsebenzi.
"Empeleni sesiside isikhathi sicela ukuthi bagwetshwe kanzima laba abazingela obhejane, sicabanga ukuthi isigwebo seminyaka engu-40, yiso kanye esifunekayo.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24