Ayimangazanga imiphumela yokhetho lwe-ANC

2012-12-18 14:31

Bloemfontein – I-ANC isiyimemezele imiphumela yokhetho lobuholi engqungqutheleni yayo ese-University of the Free State eMangaung ngoLwesibili.

UMengameli uJacob Zuma unqobe ngamalengiso wabuyela esikhundleni sakhe sokuhola i-ANC, ehlula imbangi yakhe iKgalema Motlanthe, obemphosele inselelo.

UZuma unqobe ngamavoti angu-2 983 kanti uMotlanthe uthole angu-991 nje kuphela. Kufakwe amavoti angu-3 977. 

UMotlanthe ulihoxisile igama lakhe kwesephini likaMengameli we-ANC. Kanti lesi sikhundla sesinqotshwe nguCyril Ramaphosa nosekubeka uMotlanthe ngaphandle kobuholi be-ANC.

UCyril Ramaphosa uthole amavoti angu-3 018, kwathi uMathews Phosa wathola angu-470 kanti uTokyo Sexwale yena uthole angu-463.

UBaleka Mbete ukhethelwe kwesikaSihlalo we-ANC, ngamavoti angu-3 010, uThandi Modise uthole angu-939.

UGwede Mantashe ubuyiselwe kwesikaNobhala Jikelele, ngamavoti angu-3 058.

Ngesikhathi uFikile Mbalula ethole angu-901. Isikhundla sephini likaNobhala besingabangwa, ngaleyo ndlela sithathwe nguJessie Duarte.

UZweli Mkhize unqobe ngamavoti angu-2 988 esikhundleni sokuba nguMgcinimafa, uPaul Mashatile yena wathola angu-961.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMbete uyinyathele emsileni kuShivambu

Emizuzwini eyi-22 edlule
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...