Ayibonakalanga i-ANCYL embhikishweni

2012-05-29 16:28
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Yize noma beziphume zonke izinhlaka zeqembu elibusayo kodwa uphiko lwentsha alubonakalanga nangokhalo embhikishweni obubhekiswe kwabeGoodman Gallery, obanjelwe eGoli ngoLwesibili.

Izinhlaka zeqembu kanjalo nezinhlangano eziwumbimbi nalo zimashele ukungahambisani nomdwebo kaBrett Murray okade kukhonjiswa ngawo eGoodman Gallery.

Uphiko lwentsha akaze luzwakaliswe zimvo zalo kusukela kwabonakala umdwebo.

Umengameli wophiko oxoshiwe uJulius Malema nguyena kuphela oseke waphawula eveza ukungahambisani nokusho kweqembu elithe abantu abangathengi iphephandaba iCity Press.

"Ukuvalwa imilomo kwamaphephandaba ngoba enemibono engahambisani neqembu kusikhombisa ukuthi intando yeningi isengcupheni kuleli," kuphawula uMalema.

Umengameli weCongress of SA Trade Unions uSdumo Dlamini ukhulume wathi umdwebo kaMurray ungukubukela phansi intando yabantu.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...