Ayelulama amaphoyisa adutshulwe eMlazi

2012-12-03 14:04
Yabelani Shicilela

Durban - Agadwe ngozakwabo esibhedlela amaphoyisa amabili asinde kukubi ehlaselwa eselokishini eMlazi, ngeSonto ekuseni, ngemuva kokuthi ebizwe esehlakalweni sokuduna.

Okwamanje imininingwano ngokwenzekile ayikacaci kahle, ozibonele ongathandanga ukudalulwa uthe amaphoyisa adutshulwe ngabalisa ebebesemotwnei ekade izophenywa.

Iphoyisa elilodwa lidutshulwe ekhanda elinye ladutshulwa amahlandla amathathu emzimbeni, laba baphinde baphucwa izibhamu zabo zomsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe uzophawula ngalesi sehlakalo uma esethole imininingwano eyanele.

UZwane uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala, elokuduna kaye nelokubamba inkunzi.

NgeSonto iphephandaba iThe Mercury livakashele la maphoyisa esibhedlela esingeke sidalulwe, ngezizathu zokuphepha.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...