Ayaziwa imbangela kweyabaphahlazeke nendiza eKapa

2015-08-17 07:27

Cape Town – Kuthiwa ayikacaci imbangela yengozi ebulale abantu abayisihlanu ngesikhathi kuphahlazeka indiza esuka eNamibia ilibangise eKapa.

Le ndiza iphahlazeke epulazini eliseDurbanville, eKapa, ngeSonto ekuseni, kubika iCape Times.

Esitatimendeni esikhishiwe kuthiwa le ndiza ibiyothatha uGabriel Le Roux, 80, ithunywe yi-ER24 eNamibia imletha eNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: Kushone abathathu indiza iphahlazekela emzini

Kule ngozi kushone uLe Roux, indodakazi yakhe uCharmaine Koortzen, 49, owezimo eziphuthumayo u-Alfred John Ward, 24, umshayeli wendiza uSteven Naude, 53, nomsizi wakhe u-Amore Espag, 23.

Kuthiwa le ndiza isuke e-Oranjemund Airport ngaphambi kuka-04:00 ngeSonto kanti bekulindeleke ukuba ifikele eCape Town International Airport ngo-07:00.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...