Ayazifihla amadoda a-bisexual - Umbiko
2013-01-07 13:02
New York - Umbiko okhishwe ngabe Journal of Consulting and Clinical Psychology, uthi u-38% wabantu besilisa awukaze uyithi vu, eyokuthi sewake waya ocansini nenye indoda.
Kuthiwa abantu abafihlayo ukuthi ba-bisexual, phecelezi bathanda abantu besilisa kanjalo nabesifazane, bavamise ukuba nezifo ezihlobene nengcindezi noma ukhwantalala.
Abacwaningi bakhulume nabantu besilisa abangaphezu kuka-200 eNew York, bathi yize benabantu besifazane abathandana bano, bakhona futhi abesilisa abazithokozisa nabo ngokocansi.
Laba bathi abakaze batshele muntu ngalo mkhuba wabo - laba abafihlayo kuthiwa banengcindezi enkulu uma beqhathaniswa nabantu abangongqingili, abaphumele obala.
"Indaba yokukhathazeka ngesithunzi sakho nokuzibuza imibuzo eminingi efana nokuthi uzobanjwa yini, ngezinye zezinto ezidalela abantu ukuthi babe ne-stress,” kusho u-Eric Schrimshaw, ongumelekeleli kaSolwazi eColumbia University Mailman School of Public Health.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Health24