Ayayigxoba amaphoyisa kaMasipala weTheku
2012-07-20 10:03
Durban – Amakhulu amaphoyisa kaMasipala weTheku kulindeleke ukuba abhikishe ngaphandle kwehholo ledolobha ngoLwesihlanu emizameni yawo yokuphoqa izikhulu zeTheku ukuba zixoshe inhloko yamaphoyisa kamasipala u-Eugene Nzama, kubika iThe Mercury.
NgoLwesibili, amaphoyisa kamasipala anikeza uS’bu Sithole amahora angu-48 ukuba aphendule isicelo sawo sokuba kuxoshwe uNzama esikhundleni sakhe.
UNzama owanikwa isikhathi esiyisipesheli sokuba aphumule ngasekhaya ngenyanga eyedlule, usanda kubuyela emsebenzini, okuyinto ekhalise abasebenzi, izinyunyana kanye nabemboni yamatekisi.
Ngesikhathi uNzama esanikwe isikhathi sokuphumula ngasekhaya, uSithole wacela uVincent Ngubane oyinhloko yethimba lezinhlekelele, ukuba asheshise ukubhekela izinto uNzama akhuleka ukuzenza.
Amaphoyisa athi uNzama wakhahlela zonke izinhlelo zokwneza izinguquko kwezamaphoyisa kamasipala.
IPhini likaNobhala weSA Municipal Workers Union uNkosenhle Madlala uthe lo mbhikisho ozothatha amahora amane uzoba nomthelela kwezamaphoyisa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24