Ayaqina amathemba ngeHIV

2012-10-22 15:59

Johannesburg - Abacwaningi eNyuvesi yaseWits babe negalelo elikhulu empumelelweni ekubikwe ngayo embikweni weNature Medicine, oveze ukuthi sekunohlelo olusha olutholakele olungavikela igciwane lengculaza ngamaphesenti angu-88.

Lezi zindaba ziqinisa amathemba okuthi ngokuhamba kwesikhathi kungase kutholakale ikhambi lokwelapha lolu bhubhane.

Ucwaningo lwenziwe yisikhungo iCentre for the Aids Programme of Research in South Africa (CAPRISA), sisebenzisana nochwepheshe baseWits University, yisikhungo iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), yi-University of KwaZulu-Natal kanye ne-University of Cape Town.

Ucwaningo ludonse iminyaka emihlanu, bekucwaningwa abesifazane ababili abaphila naleli gciwane, kutholakale ukuthi kunendlela ekungenziwa ngayo ukuqinisa amasosha bese umuntu evikeleka ezinhlobeni zeHIV eziyisishiyagalolunye kweziyishumi ezikhona.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi usencome ososayensi abaqhamuke nalendlela entsha engavikela abantu ekutheni bangenwe yigciwane lengculaza, wancoma nalaba besifazane abavume ukuba yingxenye yocwaningo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Health24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...