Awukaphumi umbiko ngezincwadi eLimpopo
2012-06-28 13:53
Johannesburg - Inhlangano yamalungelo iSection 27 ithe ilindele umbiko ogcwele ovela eMnyangweni wezeMfundo eLimpopo mayelana nokuhanjiswa kwezincwadi, kusho inhlangano ngoLwesine.
"Asikawutholi umbiko ovela eMnyangweni wezeMfundo," kusho uMark Heywood.
"Silokhu sixhumana nomnyango, sigcine sitshelwa ukuthi ungqongqoshe usahlaziya umbiko ozodedelwa maduze."
UMnyango ube nesivumelwano nenhlangano iSection 27 sokuthi zonke izikole esifundazweni kuzofika uLwesithathu
sezizitholile izincwadi zokufunda.
UHeywood uthe bazobamba umhlangano nabezindaba ngokuhlanganyela nomnyango, khona ngoLwesine eGoli.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA