'Awasiyo ingozi amavukelambuso aboshwe eLimpopo'

2013-02-08 16:31

Durban - Isikhungo i-Institute for Security Studies sithi amavukelambuso angu-19, aseDemocratic Republic of Congo abanjwe eLimpopo aboshwa, awasiyo ingozi kuleli laseNingizimu Afrika.

Isikhulu esikhungweni uNaomi Kok, utshele abezindaba zeNewswatch wathi laba impi yabo ayihlangene neNingizimu Afrika, ngalokho angeke baba yinkinga kubantu bezwe.

UKok uthi ukuboshwa kwabasolwa kumele kuvule abantu bezwe amehlo, babone ukuthi uphiko lwezobuNhloli lwakuleli, lusebenza ngendlela, wathi kumele abaholi bezwe baqinisekise ukuthi izwe alibukwa ngamazwe omhlaba njengezwe elivulelekile kumavukelambuso.

"Sinesibalo esikhulu sabantu baseCongo kuleli, akumele sibuke bonke njengezigilamkhuba ezizokwakha amatulo," echaza.

"Okwamanje abukabi khona ubufakazi obuphelele bokuthi  bebehlangene ngani, kumele siphinde sikhumbule ukuthi kungenzeka ukuthi kade bafika kuleli, abangenanga  ngenhloso yokuzokwakha itulo."



 

  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...