Awashodi ama-ARVs - Motsoaledi
2012-05-31 16:27
Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo kuzwelonke u-Aaron Motsoaledi uthi iNingizimu Afrika inesilinganiso esanele semishanguzo yegciwane lengculaza.
"Sixhumane nazozonke izikhungo eziyishumi ezihambisa imishanguzo kuleli, zonke zithi amaphilisi akhona," echaza.
"Asishodi ngama-ARVs, kungenzeka ukuthi kuhanjiswa isilinganiso esincane kodwa amaphilisi wona akhona."
UMotsoaledi usho kanjena kulandela imibiko yabezindaba ethe kushoda imishanguzo ezifundazweni eziyisithupha.
Ungqongqoshe uthi uma kukhona abangawatholi amaphilisi kumele bazise uMnyango.
"Njengodokotela ngiyazi kwenzakalani uma isiguli singawatholi amaphilisi, lokho kungadala sigule kakhulu kugcine kudingeka imali eningi ukuthi selashwe."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).