Awakatholwa amankentshane eKZN
2012-04-13 10:06
Johannesburg - Inhlangano esebenza ngezemvelo iZemvelo KwaZulu-Natal Wildlife iphinde yaxwayisa abantu ukuthi amankentshane okwabikwa ukuthi agcwele amathafa awakatholwa.
"Sizamile ukuwabekela ugibe ngoLwesine ebusuku kodwa kwazinhlanga zimuka nomoya," kusho okhulumela le nhlangano uMusa Mntambo. "Sisaqhubeka nokuwathungatha."
Uthe ababoni ukuthi angase aye kwenye indawo.
Kulezi zinsuku ezedlule lezi zilwane bezisolwa ukuthi zicanasa phakathi koPhapha Game Reserve neNtibane Lodge.
Lezi zilwane zaqala ukuthungathwa emuva kwemibiko yokuthi kubonakale ibhubesi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA