Avumelene amaqembu ezigelekeqe eKapa

2012-07-13 14:09

Cape Town - Amaqembu ezigelekeqe alwayo eLavender Hill, eKapa, asevumelane ngokuthi athi ukubeka phansi izikhali isikhathi esiyisonto, kubika i-Eyewutness News.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, sekushone abantu abangaphezu kwabangu-20, ezehlakalweni zodlame eziqhubekayo.

Izingane kanjalo nabantu besifazane sebeke bathola ukuchaphazeleka kulezi zehlakalo.

Ingane eneminyaka emithathu ubudala yadutshulwa amahlandla ayisikhombisa eHanover Park.

Amaqembu iMongrels neJunky Funky, avume ukuthi athi ukuma ekudubulaneni.

Imenenja enhlanganweni yomphakathi iNew World Foundation uLlewellyn Jordaan uthe lesi yisiqalo sezingxoxo zokuthula.

“Uma singakwazi ukumisa ukudubulana nokubulawa kwabantu abangenacala, nakanjani kuzokuba khona ukuthula. Kumele amaphoyisa nawo asukume asebenze.”
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...