Avele enkantolo amaphoyisa ngelokushaya
2012-03-29 12:07
Durban - Amaphoyisa amathathu aKwaZulu-Natal azovela ankantolo, ngemuva kokuboshwa kulandela izinsolo zokushaya abesilisa abathathu emzini oseChatsworth, kubika iNewswatch.
Amaphoyisa
amathathu aKwaZulu-Natal azovela ankantolo namhlanje, ngemuva kokuboshwa
kulandela izinsolo zokushaya abalisa abathathu emzini oseChatsworth.
Inhlangano
ephenya ngamacala athinta amaphoyisa i-Independent Complaints Directorate ithi
la maphoyisa abekwe amacala okushaya, okuphazamisa ingalo yomthetho nokucekela
phansi impahla.
Kukholakala ukuthi elinye lamaphoyisa laba nokuhilizisana ngamazwi nomunye wabesilisa
ngoJulayi, ngesikhathi lingekho emsebenzini.
Leli phoyisa labe selithatha ozakwabo banikela endlini yalo wesilisa ngoDisemba.
Abantu ababili bashaywa ngemshiza yomshanelo nowemophu, kwathi omunye
washayelwa emotweni yamaphoyisa.
UMoses Dlamini we-ICD uthi lesi sigameko sibonakale kumakhamera.
"I-ICD ibophe amaphoyisa amathathu, amabili angawaseChatsworth elilodwa
elasePort Shepstone. I-ICD yenze uphenyo yabe isinquma ukuwabopha la maphoyisa,
okumanje angabasolwa,” esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24