Avelile amabhungu ngelokudlwengula

2013-02-14 08:34

Bloemfontein – Amabhungu ayisishiyagalolunye, amahlanu kuwona angaphansi kweminyaka engu-18, avele eNkantolo yeMantshi yaseHeilbron ngokudlwengula owesifazane, 24, kusho amaphoyisa aseFree State.

UConstable Peter Kareli uthe icala leli lihlehliselwe uLwesihlanu oluzayo, nalapho abane kuwona kulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili.

Abasolwa abaseyizingane badedelelwe ezandleni zabazali njengoba kusaqhubeka uphenyo.

Abasolwa, abaphakathi kweminyaka engu-15 no-19 ubudala, baboshwe ngemuva kokuhlasela izithandani ebeziphuma emcimbini womndeni ePhiritona, eHeilbron, ngeSonto.

Babe sebeziphuca amaselula, indoda yakwazi ukuphunyuka yahlaba umkhosi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C a few showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...