Athethwe yicala amaphoyisa abesolwa ngokudlengula

2013-02-01 10:04

Cape Town - Liwathethile icala amaphoyisa amabili aseKapa, akade ebhekene necala lokudlwengula owesifzane ekuthiwa wadlwengulelwa ethoyilethe lasesiteshini samaphoyisa.

IJaji eNkantolo eNkulu eWestern Cape, uPatrick Goliath unqume wathi ukwenza kwalona wesifazane, okwaqhubeka phakathi kwakhe noWarrant Officer Theodore Syster, kukhomba ukuthi kwavunyelwana, kubika iphephandaba iCape Times.

USyster uvele phambi kwenkantolo nozakwabo uJade Fillies, Theo van Wyk kanye noBeverly Carelse.

UFillies kube nguye kuphela otholakale enecala, nokho kube elokuthwebula lokho okwabe kwenzeka.

USyster noFillies babopha lona wesifazane kanye nesoka lakhe, mhlaka-15 Juni 2010, ngesikhathi bebenjwa beqabulana esidlangalaleni bebukeka belungiselela ukwenza ucansi.

Owesifazane wabanjwa esekhumule ibhulukwe.

Ngesikhathi lona wesifazane ethula ubufakazi, watshela inkantolo ukuthi wayesebenzisa ithoyilethe lasesiteshini samaphoyisa, ngesikhathi kungena iphoyisa lifike limqabula lase limdlwengula.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...