Atamuza imali amakhosi akuleli
2013-01-28 12:04
Johannesburg - Amakhosi aseNingizimu Afrika ayishumi, wonke aphila buthebelele njengoba umbiko uthi athola imali elinganiselwa ku-R1million ngonyaka, umuntu ngamunye.
Izikhulu zikahulumeni ziqinisekise ukuthi amakhosi ayishumi, abaholi bezendabuko abangu-829, izinduna ezingu-5 311, bakhokhelwe isamba esingu-R650m, ngonyaka owedlule, kusho iphephandaba iBeeld.
Umbiko uthi iNkosi ngayinye ithola umholo ka-R927 000 ngonyaka, bese kuba khona neminye imihlomulo.
Isifundazwe saKwaZulu-Natal sakhipha u-R59m, sinika iSilo Samabandla iNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, kwenzelwa izindleko zendlu yamakhosi kanye nabantwana bakhe abangu-27.
ISilo kuthiwa saphinda sacela uchatha ka-R18m, kuze kuzokwakhelwa undlunkulu wakhe wesithupha.
Amakhosi amane ase-Eastern Cape anikwa ubutsetse beMercedes-Benz ML 320CDI, umuntu ngamunye, imoto lena inenani lika-R703 000.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24