Asizange simlaxaze uMalema - Abameli

2013-02-20 14:02

Johannesburg - Abameli benkampani iBrian Kahn Attorneys ngoLwesithathu baveze ukuthi ngeke basammela lowo owayengumholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema.

Imininingwane ngokuyeka kwale nkampani ukumela uMalema kuthiwa iyimfihlo, kusho ummeli uNicqui Galaktiou.

"Asizange simlaxaze, kepha ngeke sisalisingatha icala lakhe," esho.

Ngasekuqaleni kukaFebhuwari, uGalaktiou wathi inkampani iyalelwe ukuba ifake amaphepha eNkantolo eNkulu yasePitoli ukuphikisa isicelo seSA Revenue Services, sokuthi kushaqwe izimpahla zikaMalema.

UMalema ubenikwe kuze kube uFebhuwari 18 ukwazisa iSARS ukuthi uyasiphikisa noma cha isicelo sabo.

Ngokombiko , uMalema uhlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu.

Uma isicelo sabakwaSARS siphumelela, yonke impahla kaMalema izodayiswa ukuze kukhokhwe isikweletu sentela ka-R16 million ayikweleta abakwaSARS.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Sesimi ku-9 isibalo sabashonile engozini

Emizuzwini eyi-19 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...