Asivele nje sihoxise amacala - NPA

2012-11-20 14:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - I-National Prosecuting Authority (NPA) ayivele nje ihoxise amacala abantu singekho isizathu, kusho inhloko eyibamba uNomgcobo Jiba ngoLwesibili.

"Asimane nje sihoxise amacala abasolwa...Kuba nokuxhumana nohlelo olulandelwayo," kusho uJiba esifundweni se-Institute for Security Studies ePitoli.

"Kudingeka senze isiqiniseko uma sithatha isinqumo sokushushisa."

Ubephendula umbiko weSunday Times wangempelasonto mayelana nokuhoxiswa kwamacala enkohlakalo ayebhekene noMengameli uJacob Zuma ngo-2009.

Uthe akazami ukuvikela isinqumo esathathwa yilowo owayengumqondisi, kodwa kunemigomo ekhona okwakufanele ilandelwe.

"Kuyohlala kunabangenami vele uma kuthathwa izinqumo."

Isinqumo seNPA sokuhoxisa amacala -- sathathwa yilowo owayeyibamba ngaleso sikhathi uMokotedi Mpshe ngaphambi kwenyanga uZuma akhethelwa kwesobuMengameli.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-28°C Sunny. Warm. PE: 14-22°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...