'Asingene kokwenzeka eMangaung'

2012-12-12 16:25

Johannesburg - Asinandaba nokuthi kuzoba ngubani odla umhlanganiso eMangaung, izinto zizolokhu zifana kithina njengabahlali, kusho abahlali baseGoli, ngesikhathi bekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu.

ESoweto, abahlali abaningi bathi bakholwa wukuthi umhlangano we-African National Congress, waseMangaung, angeke uze naguquko ezinkingeni ababhekene nazo zansuku zonke.

"Akukhathaleki ukuthi ngubani owinayo. Noma kungaba nguSekela Mengameli uKgalema Motlanthe noma kungaba nguMengameli uJacob Zuma, izinkinga zizolokhu zikhona," kusho omunye wabahlali uBon Mabasa.

"Abantu abazobe bevota bazobe bengacabangi ngathi. Empeleni nje anginandaba ukuthi kuwina bani.” esho.

UMabasa uthi ukholwa ukuthi uZuma uzogcina isikhundla sakhe njengoMengameli we-ANC.

"Abantu abahamba noZuma bazama ukusishintsha umqondo sibone sengathi ungumengameli ofanele. Benza lokhu ngoba kukhona abafuna ukukuzuza kuye.”




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

2014-10-21 18:25
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...