Asimethembi uRamaphosa - Abahamba noZuma

2013-02-22 10:04

Durban - IPhini likaMengameli we-African National Congress uCyril Ramaphosa akasoze aba ngumengameli wezwe uma kuya ngokufisa kwalabo abaseka uMengameli uJacob Zuma.

Umbiko wephaphandaba iMail & Guardian uthi izikhulu ze-ANC zithi uRamaphosa azimethembi ukuthi angase ngelinye ilanga angaqali phansi avulele uZuma amacala enkohlakalo.

Lokhu kuyimbangela yezihlelo zokuthi kuvinjwe uRamaphosa ekutheni angene ezicathulwnei zikaZuma, uma kuphela ihlandla lakhe.

Abeseka uZuma KwaZulu-Natal sebeqalile ngezinhlelo ezithi kumele owabe enguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, okumanje unguSihlalo we-African Union uNkosazana Dlamini-Zuma, kube nguye ongena esikhaleni sobengameli, kungabi uRamaphosa.

Abaholi be-ANC abayisishiyagalombili, bakhulume neMail & Guardian, beqinisekisa ukungamethembi uRamaphosa.

"Akukaze vele kube sezinhlelweni ukuthi uRamphosa abe nguMengameli we-ANC, akuyena esasimhlosile. Kwenzeka nje ukuthi abekhona nesikhathi samvuma. Wayecelwe ukuthi angene nje esikhaleni, ngesikhathi siphoxwa nguKgalema Motlanthe ethi uzoqophisana noZuma eMangaung. URamaphosa uyafana nje nesimenywa," kusho omunye wabaholi be-ANC eGauteng.

Umthombo uthi uZuma angase acele uMotlanthe ukuthi aqhubeke nesikhundla sakhe sokuba yiPhini, ngemuva kokhetho lwango-2014, uma ehluleka kungenzeka nokuthi agcine ecela uBaleka Mbethe.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...