Asazicanasela amankentshane eKZN
2012-04-12 08:20
Johannesburg - Awakatholakali amankentshane amabili okubikwe ukuthi agcwele izigange ngasoLundi, kusho eZemvelo KwaZulu-Natal Wildlife ngoLwesine.
"Sizamile ukuwaholela ogibeni kodwa awazange eze," kusho okhulumela inhlangano uMusa Mntambo.
Lezi zilwane kukholakala ukuthi ziyazicanasela endaweni ephakathi kwasoPhapha Game Reserve neNtibane Lodge.
Kubonakale lokhu emuva kokuthi kukhona ababike ukuthi babone ibhubesi, nokuthe uma kuhlolwa amanyela ezidladla kwatholakala ukuthi akusiwona awebhubesi kodwa awamankentshane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA